Mncedisi Web Writing
Whatsapp Number for book orders.
081 838 1125. Writer of Novels/ Short Stories & Poems.
NGADLA ULOVU
Isehluko 1
Lapha-ke iseGoli, akekho umuntu ongalazi iGoli okanye ongakaze ezwe ngalo. Liqukethe okuningi okuphathelene nempilo ephandwayo lapha ngaphandle nababukeka beyiphila kahle. Ligqume lonke uhlobo lomuntu walapha eNingizimu Afrika nabangaphandle uqobo.
Lona osanda ukwehla ebhasini esikhum'lweni samabhasi umfoka-Ntuli, phansi le KwaNongoma. Ngakwesobunene ugaxe isikhwama sakhe esinezingubo zokugqoka phakathi, kanti ngakwesokhohlo uphethe imvilophu enezitifiketi zomsebenzi nezemfundo.
Wathi elubeka nje unyawo phansi, zabe zimthelekela izinsizwa zaseGoli ezabe ziqinisekisa ukusiza abagibeli abababele ezindaweni eziningi ezahlukahlukene ikakhulukazi labo abafika okokuqala KwaNdongaziyaduma.
"Mfwethu, uya kuyiphi irenki?" wayeseqinise imihlathi umfoka-Ntuli, esevule nemikhono ehambisa okomuntu engankinga nje futhi olaziyo iGoli. Babodwa ababembuza ukuthi uya kumaphi amahhovisi ngoba bebona ephethe imvilophu ayiphethe. Wayengabanaki nakubanaka njengoba ubesezwile ngobhuti Themba ukuthi lapha eGoli uma ufika uzobathola laba abantu abazenza abantu abasizayo kanti ekugcineni kuzofanele ukhokhe imali ngokukukhombisa indawo oya kuyona. Agqizelele kukho kakhulu ukuthi iningi labo benza engazi bayakusiza kanti bakuholela ophathe. Oyobalandela uhambe nabo kanti sewuyongena emgondini oya kwaLasha. Ubona nje abantu benyamalala kangaka, uzwe ezindabeni sekuhlatshwa umkhosi nje ngomuntu owahamba eya Egoli ongasabonwa yizo lezi zigameko.
Wathi engaphuma kuleso sixuku, wama buqamama uma esebona ukuthi sebayekile ukumbangela isicefe wethula isikhwama sakhe wasibeka phansi wama wancika obondeni elingasemnyango wes'tolo sePhakhistani elalikhanda liphinde lodayise amafoni. Wakhipha ikapisi lakhe elibomvu ekhanda wazesula ubuso maqede wakhipha nomakhalekhukhwini wakhe ephoketheni.
Njengoba imali yokufona wayenganayo, wabona kungcono ukuthi enzele uThemba umqafazo lona obizwa ngokuthi u-'Please call me' ukuze uma efona ezomazisa ukuthi usefikile KwaNdongaziyaduma. Nebala wawuthumela lowo mqafazo. Njengoba kwakusekuseni kakhulu nenkemane yayisimbambise okomchamo wasekuseni kwazise ukudla wayelokhu ekugcine ngayizoyo ntambama uma efika eThekwini.
Akhuthuze okungamasentshana es'lambeni ayesigqokile, athi angakuthola akubale maqede asondele kulomama owayelokhu ebizile engathuli,
"R2 Magwinya"
Athathe amathathu abuyele anqike futhi obondeni lwes'stolo sePhakhistani. Hhowu, akuphelanga neminithi elilodwa wayesekumimilite konke lokhu okungamagwinya.
Esalindele ucingo ukuba lukhale, kusho ukuthi unesandla esimnandi lomama ekwenzeni lamagwinya akhe ngoba waphinde wazikhuthuza futhi umfokaNtuli. Kulokhu wakhipha inyathi uqobo lwayo, okwakuyimali ayesenayo kuphela. Wahlaba ayisithupha kulokhu ngemfologo.
"Eyi ayavuma, ngicishe ngafa." washo ezihlikihla izandla ezesula eseqesile. Kwaphela imizuzu eyishumi nanhlanu ewuthumele umqhafazo. Esathathekile abantu ababelokhu besluladlula lapha phambi kwakhe ngendlela ababekhuluma ngakhona, sasibuye simhlekise IsiZulu saseGoli abasikhulumayo.
Esachazekile kanjalo, lwasho lwakhala ucingo lwakhe. Uma elubheka waqaphela ukuthi uThemba. Aciphize inkinobho evumela ukuthi bakhulume.
"Hello Bhuti!" ekhuluma kakhulu kwazise kunomsindo ongabekezeleleki wabantu abadlulayo.
"Mfowethu, ngiyawuboma umqhafazo wakho, ngisendleleni ngiyeza ungakhathazeki mfokababa ukuthi nje umuntu usancenga traffic lapha kubi abantu baphikelele emisebenzini kodwa nje ngizongena kungekudala."
"Ok bhuti kulungile ngizolinda."
"Shabhu-ke, wena nje thola indawo ehlelekile ucophe kuyona kungaze kukwenzakalise lokhu kwabos'khotheni."
Noma ukungakhululeki kwakukhona kodwa kwabuye kwaphela uma esekhulumile noThemba waqinisekisa ukuthi uyeza.
Esamile kanjalo ezibukela uTiktok esefile insini ehlekiswa amavido omunye ubaba okuthiwa uLinda Mfekayi, kuqhamuke omunye ubaba owayephethe induku eqanwe yahlotshiswa kahle efana nalezi zangakubo kwaZulu.
"Awu ndoda yamadoda kunjani mfethu" kubingelela lobaba ngezwi elinenjabulo nokuthakasa.
"Siyaphila baba unjani wena?"
"Awu mfowethu akubuzwa siyimjejembane usibuka nje siphile qenqu." esho embuka emsusa phansi eya naye phezulu kodwa amehlo engawasusile kulesikhwama esasiphansi. "Kodwa kutheni ngakubuka ngakufanisa nje, yini ngathi ungowangakithi wena? Us**aphi, Ndodana?"
"Ngis**a kwaNongoma baba"
"Unamanga wena" esho ethwala izandla ekhanda embukisisa. "Isibongo ubani?"
"uNtuli baba, igama uNjabulo kweseNkosi uBiyela isigodi.
Alahle phansi induku yakhe lobaba, kusho ukuthi ngokwethuka. "Awu Mphemba, ophemba ngabele abanye baphemba ngezibi zendlela. Shono mani ngikufanise kanjena noSompisi, awu s**a madoda! Ubaba wakho kwakuyinsizwa aaa." athatheke uNjabulo esafuna ukuzwa lobaba okuzwakala azi lukhulu ngobaba wakhe.
"Ngibona ngalamehlo ukuthi wena unguSompisi ezihambela lapha. Manje awusho ubekwa yini eGoli ekuseni ngovivi kangaka."
Ngibizwe uThemba wakwaSibiya ongumakhelwane nasekhaya ungizamele itoho ngapha Pitoli."
"Oh ngiyambona uSotobe, into enhle leyo. Ai angisahambi ngifuna ukumbona naye, kwaze kwakuhle ukuba nezinsizwa zangakithi lapha."
Amamatheke uMenzi ezizwa ekhululeka futhi.
"Bona umfokaNtuli, awungithenge iRG Switch amaluzi amabili lapha ngaphakathi ngike ngibheme ngibuyise umqondo." ekhomba isitolo sePhakhistani. Akhiphe uR2 amnike. Awuthathe uMenzi angene ngaphakathi.
Akuphelamga nomzuzu owodwa, wathi ephumela ngaphandle esitolo lobaba wayengasekho, uma eqalaza isikhwama sakhe naso asikho. Wake wazibuka ezandleni ezitshela ukuthi usiphethe isikhwama sakhe kanti lutho eluthela. Ayekuohethe esandleni imvilophu yakhe namaluzi amabili. Wathwala izandla ekhanda, wabuye wazisusa wazibeka okhalo. Wake wathi ukugijigijima eqalaza emakhoneni kodwa lutho.
Share your thoughts on the comments section.
Inoveli isikhona esizokwethulela yona ngomhlaka 6.
If you are not there with me at the place of pain and struggle, don't expect to be invited at my dinner table.
01/03/2026
Ebook is now available on Amazon. Click on the link below and enjoy reading a soft copy at a price of R159.23.
https://www.amazon.com/dp/B0GQHT7V42
If you want a hard copy of the book, contact me on WhatsApp 081 838 1125. We deliver everywhere via PEP stores.
Shout out to my newest followers! Excited to have you onboard! Lindani Msomi, Athenkosi Nyathi
19/11/2025
MATRIC REWRITE/UPGRADE
2026 Applications Now Open
WhatsApp us via 0813966772
Sun City convention. Where ever I go I carry one copy.
09/11/2025
For orders, you just send WhatsApp to 081 838 1125. Or inbox me in here.
13/10/2025
R310 a hard copy, including delivery through PEP everywhere.
19/09/2025
Get lost in the pages and discover the life that connects us all! πβ€οΈ
*Book Details:*
Price: R250
Order now by:
- Inboxing me
- WhatsApp: 081 838 1125 / 063 142 5846
- Call: 081 838 1125 / 063 142 5846
!π
!βΊοΈ
02/09/2025
There's no little ground.
Click here to claim your Sponsored Listing.
Category
Contact the public figure
Telephone
Website
Address
Toti
Durban