LIT RADIO ZA

LIT RADIO ZA

Share

Lit Radio 88.4 is a Geographic based Community Radio Station based in Newcastle, KZN that was granted licence by ICASA in July 2026.

We cover areas in Amajuba District and nearby municipalities.

Photos from LIT RADIO ZA 's post 31/08/2026

EZISHAQISAYO

Kushaqeke onogada ngenkathi evuka owesifazane abakade bezitshela ukuthi ufile

Abakwa Reaction Unit SA babizelwe endaweni yesigameko eMount Vernon kulandela ukuthi amalunga omphakathi ebone umuntu obegoqwe ngeshidi. Bathe mabemvula wabuza ukuthi ningiphazamiselani ngoba ngizilalele kamnandi mina?

Babe sebeyahamba beyoqhubeka nomsebenzi wabo bedidekile ngenxa yemdela abezigoqe ngayo.

31/08/2026

uRasta usekhalise umndeni ka Dolly Parton ngomdwebo, ningamgxeki kakhulu ngoba udwebe ekhala.

31/08/2026

Sekuboshwe umakhenikha wase Jozini otholakale epepenyeka ngemoto yaka RTI kulandela ukuthi kade ize kuyena ngoba izokhandwa. Kubikwa ukuthi umakhenikha uthathe imoto wahamba wayophuza nentombi yakhe kanye negenge yakhe.

Kubikwa ukuthi kade kuwu khisimusi njengoba etholakale engayiphethe ne drivers licence.

Photos from LIT RADIO ZA 's post 31/08/2026

Iqembu le Inkatha Freedom Party selimemezele ukuthi lizogadla ngo Mkhuleko Hlengwa esikhundleni sobu Meya ngaphansi kwamasipala iTheku bese esekelwa uMavava Sikhakhane.

31/08/2026

Isililo kunyuke I price ka Petrol

Zingane zakwethu kubikwa ukuthi uyanyuka uphethiloli kusukela ngoLwesithathu kanti uzonyuka ngo R1. 29c bese udizili unyuke ngo R3. 14c.

Kushuthi sorini bakithi 😭😭.

Photos from LIT RADIO ZA 's post 31/08/2026

Inkungu beyigcwele umgwaqo namhlanje ekuseni ezindaweni zase Newcastle, Dundee nase Vryheid.

Abashayeli bakhumbule ukuqaphela ngasosonke isikhathi 🙏🙏.

31/08/2026

Umbuzo usamile, selizovuka yini manje njengoba senibuyelene?

30/08/2026

Isimo sezulu kusasa mhlaka 31 August 2026

Photos from LIT RADIO ZA 's post 30/08/2026

Namhlanje kade sikwi Sound of Praise Seminar and Album Launch of Sipho Ndlovu ebihlelwe uNkululeko Mhlungu nebise Osizweni Hall.

USipho Ndlovu ubonge kakhulu kubantu base Newcastle ngokumeseka wathembisa ukuthi uzobuya nakanjani mangabe bemdinga abantu base Newcastle ngelinye ilanga.

30/08/2026

Abakwa SABCNews sebeveze ukuthi u Major-General Feroz Khan wophiko lwe Crime Intelligence usephinde wangeniswa esibhedlela sase Goli. Kwenzeka lokhu nje kulindeleke ukuthi avele phambi kwe Madlanga Commission kuleviki esiliqalayo.

Want your business to be the top-listed Media Company in Newcastle?
Click here to claim your Sponsored Listing.

Address


Amajuba Education Centre
Newcastle
2940